“UKapteni uMoroni noZerahemina,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UKapteni uMoroni noZerahemina
Impi nesithembiso sokuphila ngokuthula
UZerahemina wayengumholi wamabutho amaLamani. Wayefuna ukubusa phezu kwamaNefi futhi awenze asebenzele abantu bakhe. UZerahemina wahola amabutho akhe ukuthi ayohlasela amaNefi.
AmaNefi ayefuna ukuvikela amakhaya awo, imindeni, kanye nenkolo yawo. Babazi ukuthi babengeke bakwazi ukukhonza iNkosi uma amaLamani ebabusa. AmaNefi akhetha ukulwa nezitha zawo.
Indoda okwakuthiwa nguMoroni yayiyinduna yamabutho amaNefi. UMoroni waqinisekisa ukuthi amabutho akhe ayekulungele ukulwa.
Amasosha kaMoroni aletha izikhali, futhi uMoroni wawanika izikhali eziqinile nezihlangu ukuze azivikele.
UMoroni wathatha amabutho akhe ukuthi alwe namaLamani. Kodwa ngenkhathi amaLamani ebona amaNefi ephethe izikhali kanye nezihlangu, asaba ukulwa. AmaLamani ayenezingubo ezincane kuphela futhi engenazo izikhali eziwavikelayo.
AmaLamani ahamba. Bazama ukunyonyoba baye kwelinye izwe lamaNefi. Babecabanga ukuthi uMoroni wayengeke azi ukuthi bayephi.
Kodwa kwathi nje lapho amaLamani esehamba, uMoroni wathumela izinhloli ukuba ziwalandele.
UMoroni wabe esethumela umlayezo kumphrofethi u-Alima. Wayefuna u-Alima abuze iNkosi ukuthi amaLamani ayehlela ukwenzani. INkosi yatshela u-Alima ukuthi amaLamani ayehlela ukuhlasela izwe elibuthakathaka elibizwa ngokuthi iManti. UMoroni walalela u-Alima. Wahola amabutho akhe ukuthi alwe namaLamani.
Amabutho alwa. AmaLamani ayenamandla kakhulu futhi ethukuthele. AmaNefi ayesesaba amaLamani futhi ayezobaleka. Kodwa uMoroni wabakhumbuza ngemindeni yabo kanye nokholo lwabo, ngakho baqhubeka nokulwa.
AmaNefi akhulekela usizo eNkosini. INkosi yayiphendula imikhuleko yabo futhi yabanika amandla amakhulu. Manje amaLamani ayesaba. Babevalelekile futhi abakwazanga ukuphunyuka. Lapho uMoroni ebona ukuthi amaLamani ayesaba, watshela amabutho akhe ukuthi ayeke ukulwa. UMoroni wayengafuni ukubulala amaLamani.
UMoroni watshela uZerahemina ukuthi amaLamani angahamba uma ethembisa ukuthi ngeke aphinde alwe namaNefi. UZerahemina wathukuthela futhi wazama ukuqhubeka nokulwa, kodwa akakwazanga ukunqoba amabutho aMoroni. Bese uZerahemina namabutho akhe bathembisa ukuhlala ngokuthula, futhi uMoroni wabadedela bahamba.