Amasu Okufunda
10. IziTebhisi eziYa eThempelini


10. IziTebhisi eziYa eThempelini

Isithombe
isithombe 10

Indawo yasethempelini yayihlukaniswe yaba ngamagceke, amagceke angaphandle ayesegcekeni elisezansi. Abakhonzayo babengena ngamasango amaninginingi, kuhlanganisa nalawo ayeholela phezulu ukusuka kulezi zitebhisi kuya emagcekeni angaphandle futhi nokuya emagcekeni angaphakathi. Izinkulungwane zabantu sezike zanyuka kulezi zitebhisi ngokuhamba kwesikhathi, kuhlanganisa neNdodana kaNkulunkulu. Ngesikhathi amabutho kaThithu ebhubhisa ithempeli ngonyaka wama 70 emva kukaKristu, lezi zitebhisi zazigcwele imvithi. Zavunjululwa ngaba phenya ngezinto zasemandulo ngeminyaka yo 1970 ngesikhathi kumbiwa ingxenye yedolobha elidala laseJerusalema.

Isehlakalo Esibalulekile: UHezekeli wabona embonweni ubukhulu kanye nesimo sethempeli lesikhathi esizayo (Hez. 40). (Bheka HBN Ithempeli, iNdlu yeNkosi.)

Shicilela