Amasu Okufunda
21. IsiGodi saseJizreyeli


21. IsiGodi saseJizreyeli

Isithombe
isithombe 21

Ukubheka ngase ningizimu esentshonalanga kusuka esiqongweni seNtaba iThabori kuya ngasenxenyeni yesiGodi saseJezreel, esaziwa futhi ngokuthi yiThafa lase-Ezdrayeloni. Nakuba IsiGodi saseJizreyeli kuvame ukuba kucatshangwe ukuthi yisigodi esisodwa esikhulu, eqinisweni wuchungechunge lwezigodi ezihlanganisa iThafa lase-Acco nesiGodi saseJordani kanye nesifunda soLwandle lwaseGalile. Isibonelo, isigodi saseMegidoni sisengxenyeni esentshonalanga yalesi sigodi. IsiGodi saseJizreyeli kwakuyindlela enkulu ngaphesheya kweZwe eliNgcwele phakathi koLwandle lweMediteleniyani ukuya entshonalanga kanye nesiGodi saseJordani ukuya empumalanga.

Izehlakalo Ezibalulekile: Umgwaqo omkhulu ohlanganisa iGibithe kanye neMesopotamiya wawudlula kulesi sigodi, futhi ziningi izimpi ezaliwa lapha (AbAhl. 1:22–27; 5:19; Ⅱ AmaKh. 23:29–30). Impi enkulu neyokugcina lulelizwe iqala ngempi yaseHarmagedoni, eyoliwa masinyane nje ngaphambi kokuZa kwesiBili komSindisi; igama layo lithathelwe egameni elithi Har Megiddon, noma iNtaba yaseMegidoni (Hez. 38; Joweli 3:9–14; Zak. 14:2–5; IsAmb. 16:14–16).

Shicilela