Amasu Okufunda
6. IZwe lamaGquma laseJudiya


6. IZwe lamaGquma laseJudiya

Isithombe
isithombe 6

Lelizwe lamagquma laseJudiya lingamakhilomitha angamashumi amahlanu nesithupha ubude futhi namashumi amabili nesikhombisa ububanzi. Ingxenye eningi yalelizwe igcwele amatshe futhi kunzima ukulima khona. Lamagquma ahlukaniswa yizigodi ezinemihlaba echuma kahle. Abakwa-Israyeli basekuqaleni kakhulu babehlala kulamagquma, bewasebenzisa njengezivikelo kubahlaseli.

Izehlakalo Ezibalulekile: INkosi yathembisa u-Abrahama kanye nenzalo yakhe lelizwe (Gen. 13:14–18; 17:8). USara kanye no-Abrahama bangcwatshelwa emgedeni waseMakaphela, eHebroni (Gen. 23:19; 25:9). UDavide wathumba iJerusalema kumaJebusi (Ⅱ Sam. 5:4–9). Izehlakalo eziningi zaseTestamenteni eliDala kubhalwe ukuthi zenzeka kulamagquma kunanoma kusiphi esinye isifunda.

Shicilela