Amasu Okufunda
19. IKesariya kanye neThafa laseSharon kuya eKarmeli


19. IKesariya kanye neThafa laseSharon kuya eKarmeli

Isithombe
isithombe 19

Ukubheka ngasenyakatho ngaphesheya kwetheku lasemandulo laseKesariya neThafa laseSharoni. Okubonakalayo futhi maphezulu nalesi sithombe yizintaba zokhahlamba zaseKarmeli.

Izehlakalo Ezibalulekile: U-Eliya wabhekana nabaprofethi bamanga bakaBali eNtabeni yaseKarmeli (Ⅰ AmaKh. 18). IVia Maris (iNdlela yoLwandle), umgwago owawubalulekile ezikhathini zasemandulo, usempumalanga neKesariya. Emuva kombono omangalisayo ngesikhathi eseJopha, uPetru waqala ubufundisi phakathi kwabeZizwe ngokufundisa induna enkulu yaseRoma ogama layo okwakuthiwa nguKorneliyu eKesariya (IzE. 10). UFiliphu wayeshumayela futhi ehlala lapha futhi waba namadodakazi amane ayeprofetha (IzE. 8:40; 21:8–9). UPawulu wayeyisiboshwa kulelidolobha iminyaka emibili (IzE. 23–26). Washumayela kuFeliksi, kuFestu, kanye nakuHerode Agripha wesiBili, owathi, “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKristu” (IzE. 26:28).

Shicilela