Amasu Okufunda
29. Athene


29. Athene

Isithombe
isithombe 29

Lesi sithombe, esithathwe e-Areopagus (eGqumeni laseMars), sikhombisa i-Acropolis yase-Athene, okuyilapho kwakukhona khona amasinagoge onkulunkulu babahedeni. I-Athene kwakuyikomkhulu lamaGriki lasemandulo lase-Attica futhi ezikhathini zeTestamente eliSha yayisesifundeni saseRoma sase-Akhaya. Yaqanjwa ngoba kuhlonishwa isithixokazi sabahedeni bamaGriki u-Athena. Ngezikhathi zeTestamente eliSha, i-Athena yayisilahlekelwe ngobuningi ubukhulu kanye nenkazimulo yayo yakuqala, kodwa yayisenazo izithombe zamatshe kanye nezikhumbuzo zonkulunkulu kanye nezithixokazi, kuhlanganisa no “Nkulunkulu oNgaziwa” (IzE. 17:23).

Izehlakalo Ezibalulekile: UmPhostoli uPawulu wahambela lelidolobha futhi washumayela ngo “Nkulunkulu oNgaziwa” eGqumeni laseMars (IzE. 17:15–34). Abefundisi bathunyelwa besuka e-Athene beya kwezinye izingxenye zezwe lamaGriki (Ⅰ Thes. 3:1–2).

Shicilela