Amasu Okufunda
15. Jeriko


15. Jeriko

Isithombe
isithombe 15

Lesi sithombe sikhombisa imithi emilayo eJeriko yamanje. Emandulo kwakuyidolobha elalibiyelwe ngezindonga elalisesigodini soMfula iJordani, amamitha angamakhulu amabili namashumi amahlanu nambili ngaphansi kweleveli yolwandle. Yindawo evundileyo yokulima lapho amasundu kanye nezixhobo zemithi yolamula ichuma khona. Ngemuva kukhona iNtaba yokuLingwa ejwayelekileyo (Math. 4:1–11).

Izehlakalo Ezibalulekile: Maduze nalendawo, uJoshuwa kanye nabantwana bakwa-Israyeli bawela okokuqala uMfula iJordani, bengena ezweni lesethembiso (Josh. 2:1–3; 3:14–16). INkosi ngesimangaliso yenza ukuba izindonga ziwele phansi phambi kwamabutho akwa-Israyeli (Josh. 6; bheka futhi kumaHeb. 11:30). UJoshuwa wabeka isiqalekiso kulelidolobha (Josh. 6:26), esagcwaliseka (Ⅰ AmaKh. 16:34). U-Elisha welapha amanzi aseJeriko (Ⅱ AmaKh. 2:18–22). UmSindisi wedlula lapha ngokuhambela Kwakhe kokugcina eJerusalema, elapha uBartimewu owayeyimpumputhe futhi ehlala noZakewu, umthelisi (Marku 10:46–52; Luka 18:35–43; 19:1–10). Umgwaqo osuka eJerusalema oya eJeriko wawukhona emfanekisweni womSamariya olungileyo (Luka 10:30–37). (Bheka HBN Jeriko.)

Shicilela