24. Kapernawume
IKapernawume, etholakala ogwini olusenyakatho loLwandle lwaseGalile, kwakuyimaphakathi lobufundisi bukaJesu baseGalile (Math. 9:1–2; Marku 2:1–5). Kuyimaphakathi lentengiso elibalulekile futhi nelinempulelelo, kwakuyikhaya labeZizwe ngokunjalo namaJuda. Abantu abakhileyo beminyaka eyikhulu yokuqala mhlawumbe babengevile kubantu abayinkulungwane. IKapernawume yayitholakala emigwaqeni ephambanayo okwakuyizindlela zokuhwebelana ezazibalulekile, izungezwe yimihlaba evundileyo. Amasotsha aseRoma akha izindlu zokugezela kanye nezindawo zokulondoloza lapha. Noma kwabakhona izimangaliso eziningi ezenziwa lapha, abantu ngokujwayelekile babenqaba ubufundisi bukamSindisi. Ngakho-ke uJesu waliqalekisa lelidolobha (Math. 11:20, 23–24). Ngokuhamba kwesikhathi, iKapernawume yonakala futhi ayihlali muntu.
Izehlakalo Ezibalulekile: IKapernawume yayaziwa njengo “muzi wakubo” kamSindisi (Math. 9:1–2; Marku 2:1–5). Wenza izimangaliso eziningi kulendawo. Isibonelo, welapha abantu abaningi (Marku 1:32–34), kuhlanganisa nesisebenzi senduna enkulu (Luka 7:1–10), umkhwekazi kaPetru (Marku 1:21, 29–31), owayefe uhlangothi umbhede wakhe owehliswa ngophahla (Marku 2:1–12), kanye nendoda eyayinesandla esasishwabeneyo (Math. 12:9–13). Lapha uJesu futhi wakhipha eminingi imimoya emibi (Marku 1:21–28, 32–34), wavusa indodakazi kaJayiru ekufeni (Math. 9:18–19, 23–26; Marku 5:22–24, 35–43), futhi wanika intshumayelo yesinkwa sokuphila esinagogeni eKapernawume (Joh. 6:24–59). UmSindisi wakhombisa uPetru ukuba abambe inhlanzi oLwandle lwaseGalile, avule umlomo wayo, futhi athole uhlamvu lwemali ayezokhokha ngayo intela (Math. 17:24–27).