12. INsimu yaseGetsemane
Lesi sithombe sesihlahla somhlwathi seminyaka sathathwa endaweni ejwayelekileyo yeNsimu yaseGetsemane. UmSindisi wakhuleka maduze nalapha emuva kokuphuma egumbini eliphezulu ngobusuku bokukhashelwa Kwakhe.
Izehlakalo Ezibalulekile: Lapha uJesu Kristu waqala ukuzwa ubuhlungu ngenxa yezono zabantu (Math. 26:36–44; Marku 14:32–41; Mf&V 19:16–19). Emuva komkhuleko Wakhe wakhashelwa nguJuda Iskariyothe, futhi abafundi Bakhe bamshiya okwesikhashana emuva kokuboshwa Kwakhe ensimini (Marku 14:50). (Bheka HBN Getsemane.)