Amasu Okufunda
1. UMfula iNayili kanye neGibithe


1. UMfula iNayili kanye neGibithe

Isithombe
isithombe 1

Lena yimithi emilayo osebeni loMfula iNayili. Endaweni enjengalena, unina kaMose wacashisa khona indodana yakhe eyayisengumntwana. Phambili yizindawo zogwadule ezigcwele lonke iGibithe.

Izehlakalo Ezibalulekile: Lelizwe laqal’ ukubonwa nguGibitusi (Abr. 1:23–25). U-Abrahama waya eGibithe (Gen. 12:10–20; Abr. 2:21–25). UJosefa wathengiswa eGibithe, waba ngumbusi, futhi wasindisa umndeni wakubo endlaleni (Gen. 37; 39–46). Uzalo lukaJakobe lwaluhlala eGibithe (Gen. 47; Eks. 1; 12:40). Indodakazi kaFaro yathola ingane uMose emfuleni futhi yayikhulisa (Eks. 2:1–10). UMose wahola abakwa-Israyeli ukuba baphume eGibithe (Eks. 3–14). UMariya, uJosefa, kanye noJesu baya eGibithe isikhashana ukuze babalekele uHerode (Math. 2:13–15, 19–21). Ezinsukwini zokugcina, amaGibithe azoyazi iNkosi, futhi iNkosi izoyibusisa iGibithe (Isaya 19:20–25). (Bheka HBN Gibithe.)

Shicilela