Amasu Okufunda
17. Shekemi


17. Shekemi

Isithombe
isithombe 17

Yindawo yasendulo lapho kukhona khona iShekemi. Ngaphambili kukhona iNtaba yaseGerizimu, kuthi ngaphesheya kwayo, kukhona iNtaba yase-Ebali. IShekemi itholakala maphakathi nalezi zintaba.

Izehlakalo Ezibalulekile: U-Abrahama wamisa ikamu eShekemi (Gen. 12:6–7). UJakobe wamisa ikamu lapha futhi wathenga isiqephu sendawo (Gen. 33:18–20). INtaba yaseGerizimu kwakuyintaba yesibusiso, kanti iNtaba yase-Ebali kwakuyintaba yesiqalekiso (Dut. 27–28). ENtabeni yase-Ebali, uJoshuwa wamisa itshe lesikhumbuzo elalinomthetho kaMose futhi emuva kwalokho wabafundela wona umthetho abakwa-Israyeli (Josh. 8:30–35). Amathambo kaJosefa angcwatshwa eShekemi (Josh. 24:32).

Shicilela