32. IsiQhingi sasePhatmose
IPhatmose, yisiqhingi esiso Lwandle lwase-Aegean lapho uJohane ayedingiselwe khona (IsAmb. 1:9). Ngokwendaba ethathwe kokhokho, wayesebenza lapho kumgubane wamatshe emabuli.
Isehlakalo Esibalulekile: UJohane wabona umbono omkhulu owaziwa ngokuthi yi-Aphokalipse (incwadi yesAmbulo). INkosi yamtshela ukuthi makawuthumele emabandleni ayisikhombisa ase-Asiya (IsAmb. 1:11).