Amasu Okufunda
8. Jerusalema


8. Jerusalema

Isithombe
isithombe 8

Ukubheka ngasenyakatho eJerusalema. Maphakathi nalesi sithombe kukhona indawo engcwele yamaSulumane enesiqongo sebhilidi esiyindingilizi phezulu esimbozwe ngegolide, esibizwa ngokuthi yisiQongo esiyiNdingilizi seDwala. AmaJuda emandulo ayekhonza ethempelini elalitholakala lapha. Izindonga eziseduze nesiQongo esiyiNdingilizi seDwala zikake idolobha elidala laseJerusalema. Ngakwesokudla sodonga kukhona isiGodi saseKidron Ngakwesokudla kude, ngaphandle kwesithombe, kukhona iNtaba yemiNqumo. Enyakatho, phambili nesiQongo esiyiNdingilizi seDwala, kukhona okungenzeka kube yindawo yeGolgotha, noma yeKhalivari.

Izehlakalo Ezibalulekile: IJerusalema yayibizwa ngokuthi yiSalema emandulo (AmaH. 76:2). U-Abrahama wayekhokha okweshumi kuMelkisedeki (Gen. 14:18–20). U-Abrahama weza ukuzonikela ngo-Isaka (Gen. 22:2–14). INkosi uDavide yathumba iJerusalema kumaJebusi (Ⅱ Sam. 5:4–9). INkosi uSolomoni yakha ithempeli (Ⅰ AmaKh. 6–7). ULehi wahamba lapha ukuze aye ezweni lesethembiso (1 Nefi 1:4; 2). UmSindisi wasebenza, wahlawulela izono zethu, futhi wavuswa (Math. 21–28). Njengoba umSindisi aprofetha, iJerusalema yabhujiswa masinyane emuva kokufa Kwakhe (JS—Math. 1:3–20). IJerusalema izohlaselwa ezinsukwini zokugcina (Hez. 38–39; Joweli 2–3; IsAmb. 11; 16). UmSindisi uzovela lapha njenge ngxenye yokuZa Kwakhe kwesiBili (Zak. 12–14; Mf&V 45:48–53). (Bheka HBN Jerusalema; Salema.)

Shicilela