Amasu Okufunda
25. UMfula iJordani


25. UMfula iJordani

isithombe 25

UMfula iJordani uqala enyakatho yoLwandle lwaseGalile, ugobhozele kulo, bese uqhubekela eningizimu oLwandle olungenaMpilo. Lesi sithombe sathathwa maduze nalapho umfula uphumela khona kusuka oLwandle lwaseGalile.

Izehlakalo Ezibalulekile: ULoti wazikhethela amathafa eJordani (Gen. 13:10–11). UJoshuwa wehlukanisa lamanzi, ukuze avumele abakwa-Israyeli bawelele ezweni lesethembiso (Josh. 3:13–17; 4:1–9, 20–24). U-Eliya kanye no-Elisha bawahlukanisa lamanzi (Ⅱ AmaKh. 2:5–8, 12–14). UNahamani welashwa uchoko (Ⅱ AmaKh. 5:1–15). UJohane umBhabhadisi wabhabhadisa abantu abaningi, kuhlanganisa nomSindisi (Math. 3:1–6, 13–16). (Bheka HBN UMfula iJordani.)