Amasu Okufunda
4. Kadeshi-Barineya


4. Kadeshi-Barineya

Isithombe
isithombe 4

Lokhu ngukubukwa okusenyakatho engasempumalanga kwesigodi sogwadule olukhulu (esibizwa futhi ngokuthi yiwadi) lapho okukhona khona iKadesh-barnea. Umfudlana ogobhoza lapha ngesikhathi sezimvula wenza ukuba lendawo ibe ngeniseleke kahle futhi nethelayo ehlane laseZin.

Izehlakalo Ezibalulekile: Kunokwenzeka ukuthi uMose wathumela amadoda ayishumi nambili esuka kulendawo ukuba ayohlola izwe laseKhanani (Num. 13:17–30). Yasebenza njengesisekelo sekamu labakwa-Israyeli ngesikhathi sokuzula ehlane iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili eyacishe yaba ngamashumi amane (Dut. 2:14). UMiriyamu wafa futhi wangcwatshelwa lapha (Num. 20:1). Lena kwakuyindawo lapho kwahlubuka khona uKora, lapho kwavungama khona abantu, futhi nalapho kwahluma khona intonga ka-Aroni (Num. 16–17). Maduze nalapha uMose washaya itshe futhi kwaphuma amanzi (Num. 20:7–11).

Shicilela