Amasu Okufunda
20. Jopha


20. Jopha

Isithombe
isithombe 20

Ukubheka enyakatho engasentshonalanga phezu kwetheku ledolobha laseJopha.

Izehlakalo Ezibalulekile: UJona waya eJopha ukuze athathe umkhumbi oya eTharishishi (Jona 1:1–3). IJopha kwakuyitheku uSolomoni futhi kamuva owaba nguZerubabele alisebenzisa ngesikhathi eletha imithi yokwakh’ izindlu ayeyilanda emahlathini omsida aseLebanoni ukuze akhe amathempeli abo (Ⅱ IziKr. 2:16; Ezra 3:7). Lapha uPetru wavusa uThabitha kwabafileyo, owaziwa futhi ngokuthi nguDorka (IzE. 9:36–43). UPetru futhi waba nombono wezilwane ezihlanzekile kanye nezingahlanzekile, owawambula kuye isidingo sokuqala ubufundisi phakathi kwabeZizwe (IzE. 10). U-Orson Hyde wafika lapha ukuzonikela iZwe eliNgcwele ngo 1841.

Shicilela