Amasu Okufunda
30. Korinte


30. Korinte

Isithombe
isithombe 30

IKorinte yidolobha elikhulu lesifunda samaRoma sase-Akhaya. Lalitholakala kumdlandlathi owawuhlanganisa iPeloponnesus nezwe elikhulu lamaGriki, linesikhumulo semikhumbi nhlangothi zombili empumalanga kanye nasentshonalanga. Laliyitheku ledolobha elalinothile futhi linesisindo.

Izehlakalo Ezibalulekile: UPawulu wahlala eKorinte unyaka kanye nezinyanga eziyisithupha futhi wase emisa iBandla lapha (IzE. 18:1–18). UPawulu wabhalela amalungu eBandla izincwadi eziningana endaweni yaseKorinte, ezimbili zazo manje eseziseTestamenteni eliSha ( kanye no Ⅱ kwabaseKorinte). INcwadi kwabase Roma kungenzeka ukuthi yabhalwa eKorinte.

Shicilela