Amasu Okufunda
28. Dani


28. Dani

Isithombe
isithombe 28

Lelidolobha lasemandulo lika Dani lalibizwa ngokuthi yiLeshemu (Josh. 19:47) noma yiLayishi (AbAhl. 18:7, 14) ngaphambi kokuba abakwa-Israyeli balinqobe lelizwe. Imithombo etholakala kulendawo, kanye nemithombo eseKesariya Filipi, yiyona misuka emikhulu yoMfula iJordani. Indawo yethempeli lika Jerobowamu iveziwe lapha.

Izehlakalo Ezibalulekile: U-Abrahama wasindisa uLoti (Gen. 14:13–16). Isizwana sakwaDani sayithumba lendawo futhi sayiqamba ngokuthi yiDani (Josh. 19:47–48). UJerobowamu wamisa ithempeli lamanga nethole legolide okwabangela ukuwa kwezizwana zasenyakatho eziyishumi (Ⅰ AmaKh. 12:26–33). IDani kwakuyidolobha lakwa-Israyeli elalisenyakatho impela—yingakho-ke imibhalo engcwele uma ibhekise ezweni lakwa-Israyeli ithi “kusukela eBeri-Sheba ngisho kuze kube kwaDani” (Ⅱ IziKr. 30:5; eBeri-Sheba kwakuyidolobha elaliseningizimu impela). (Bheka HBN Dani.)

Shicilela