Amasu Okufunda
23. ULwandle lwaseGalile kanye neNtaba yeMbusiso


23. ULwandle lwaseGalile kanye neNtaba yeMbusiso

Isithombe
isithombe 23

Ukubheka eningizimu nentshonalanga ngaphezu kwengosi esenyakatho nentshonalanga yoLwandle lwaseGalile, kukhona ichibi elikhulu lamanzi asemasha. Igquma elimaphakathi ngaphambili liyindawo ejwayelekile lapho okwakukhona khona iNtaba yesiBusiso. IKapernawume ingakwesokunxele ngaphandle kwalesi sithombe. ITiberiya ikude eningizimu ngasogwini olusentshonalanga.

Izehlakalo Ezibalulekile: UmSindisi wachitha obuningi ubufundisi Bakhe basemhlabeni kulesi sifunda. Lapha wabiza futhi wagcoba abaPhostoli abaliShumi namBili (Math. 4:18–22; 10:1–4; Marku 1:16–20; 2:13–14; 3:7, 13–19; Luka 5:1–11), wafundisa iNtshumayelo yaseNtabeni (Math. 5–7), futhi wafundisa ngemifanekiso (Math. 13:1–52; Marku 4:1–34). Izimangaliso azenza yilezi ezilandelayo: welapha umuntu onochoko (Math. 8:1–4); wathulisa isivunguvungu (Math. 8:23–27); ukukhishwa kodeveli ensizweni, ababe sebengena ezingulubeni ezabalekela olwandle (Marku 5:1–15); wapha ukudla abayizinkulungwane ezinhlanu kanye nabayizinkulungwane ezine (Math. 14:14–21; 15:32–38); wayala abafundi Bakhe ukuba baphonse amanetha abo, ababamba ngawo izinhlanzi eziningi (Luka 5:1–6); welapha abantu abaningi (Math. 15:29–31; Marku 3:7–12); futhi wavela emva koVuko Lwakhe ukuze afundise abafundi Bakhe (Marku 14:27–28; 16:7; Joh. 21:1–23). (Bheka HBN Galile.)

Shicilela