2. INtaba iSinayi (iHoreb) kanye neHlane laseSinayi
Kunezindawo eziningana okungase kube yizo ezeNtaba yaseSinayi. Enye yezindawo ezijwayeleke kakhulu ngeyaseJebel Musa (iNtaba kaMose), ekhonjiswa lapha.
Izehlakalo Ezibalulekile: UNkulunkulu wavela kuMose futhi wamnika imiYalelo eliShumi (Eks. 19–20). UMose, u-Aroni, amadodana amabili ka-Aroni, kanye namagosa angamashumi ayisikhombisa babona futhi baxoxisana noNkulunkulu (Eks. 24:9–12). UNkulunkulu wanika uMose imiyalelo yokwakha itabernakele (Eks. 25–28; 30–31). Abakwa-Israyeli bakhonza ithole legolide ababevumise u-Aroni ukuba alenze (Eks. 32:1–8). U-Eliya wabalekela kulelizwe esuka esiGodini saseJezreel, lapho kwakuhlala khona iNdlovukazi uJezebeli (Ⅰ AmaKh. 19:1–18). Yilapha futhi lapho u-Eliya akhuluma khona noNkulunkulu (Ⅰ AmaKh. 19:8–19). (Bheka HBN INtaba yaseSinayi.)