Amasu Okufunda
27. Nazaretha


27. Nazaretha

Isithombe
isithombe 27

Lokhu kubuka kwedolobha lamanje laseNazaretha kubheke ngaseningizimu. INazaretha kwakuyimizi yasemakhaya encane ezikhathini zasebhayibhelini.

Izehlakalo Ezibalulekile: UNefi wabona embonweni unina womSindisi eNazaretha (1 Nefi 11:13–22). Ingelosi uGabriyeli yatshela uMariya ukuthi wayezozala umSindisi (Luka 1:26–35). UGabriyeli watshela uJosefa ukuthi athathe uMariya ukuba abe ngumkakhe futhi nokuthi aqambe indodana yakhe ngokuthi nguJesu (Math. 1:18–25). UJesu wakhulela eNazaretha (Math. 2:19–23; Luka 2:4–40; 4:16). Washumayela futhi wamemezela emasinagogeni ukuthi wayenguMesiya (Luka 4:16–21), kodwa abantu baseNazaretha bamenqaba (Math. 13:54–58; Luka 4:22–30). (Bheka HBN Nazaretha.)

Shicilela