26. Kesariya Filipi
IKesariya Filipi itholakala phansi kweNtaba yaseHermoni. Lomthombo ungomunye wemisuka yamanzi oMfula iJordani. UHerode Filipi, owayebusa kulendawo, wakha idolobha lapha ukuhlonipha uKesari (inkosi enkulu yakhe) kanye naye; lelidolobha kuqala lalibizwa ngokuthi yiPaniyasi futhi namuhla libizwa ngokuthi yiBanias nokuthi yiKesariya Filipi.
Isehlakalo Esibalulekile: UmSindisi wahlangana nabafundi Bakhe eKesariya Filipi. Lapha uPetru washo nokusho ukuthi umSindisi “nguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UmSindisi wabe esemthembisa uPetru “izihluthulelo zombuso wezulu” (Math. 16:13–20).